Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNesraddine Nabi uthi sekusele isikhathi esingangenyanga ezakhe ziqale ukudlala ngesivinini asifunayo.
UNabi ukhulume okokuqala nabezindaba njengomqeqeshi weChiefs kulandela ukubuya kwaMakhosi ohambweni lwaseTurkey. IChiefs isebenzise lolu hambo ukulungiselela isizini ka-2024/25, ezoqala ngemidlalo yeMTN8 ngenyanga ezayo.
UNabi uqale ngokubonga abaphathi beqembu ngethuba lokupheka eNaturena, wababonga nangendlela abamamukele ngayo.
“Ngiyabonga nakubalandeli beKaizer Chiefs ngendlela abangamukele ngayo esikhumulweni sezindiza. Ngizokwenza konke okusemandleni ukubabonga enkundleni kule sizini,” kusho uNabi.
“Ngicela ukubonga uKaizer Jr osivumelile ukuthi siye eTurkey. Kuhambe kahle kakhulu. Bekubalulekile ukuthi sibalekele iJohannesburg, sibaleke ingcindezi, ikakhulukazi ngenxa yendlela isizini edlule ephele ngayo.
“Bekubalulekile ukuthi abaqeqeshi bathole ithuba lokujwayelana nabadlali. Kuhambe kahle. Sidlale imidlalo embalwa. Akuyona imidlalo etheni kodwa ngokuhamba kwesikhathi sizokhuphuka isivinini esidlala ngaso kube yilesi engisifunayo.”
Abalandeli beChiefs bazothola ithuba lokuzibonela into ephekwa wuNabi uma ezakhe sezibhekene neYoung Africans kwiToyota Cup ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eFree State Stadium.
Izolo Amakhosi ethule ijezi lawo elisha azogadla ngalo kwisizini ka-2024/25, lizoqala ukudayiswa kule mpelasonto.