Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi usazoyidlela amathambo engqondo eyokuqasha umqeqeshi wabagadli njengoba iqembu lakhe libhekene nenkinga yokuhleka ukubeka ibhola enethini.
IChiefs ingelinye lamaqembu athwele kanzima phambi kwepali kule sizini njengoba ivalele amagoli awu-22 emdlalweni ewu-21. Lokhu kusho ukuthi iChiefs ine-avarage yegoli elilodwa njalo ngomdlalo. Uma abalandeli bayo bephume ngobuningi bagcwalisa inkundla, kusho ukuthi basuke beyokubuka igoli elilodwa ngoba le-avarage isihlale neChiefs cishe amasizini amathathu noma amane.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wabo neCape Town City uNabi ubuzwe ngomqeqeshi wabagadli, waphendula kanje:
“Namhlanje into ebesishoda ngayo ilula, ukubeka ibhola enetheni. Sibe neshwa nje singawatholi amaphuzu aphelele kodwa siwatholile amathuba okukora. Sikwenze konke.
“Nmahlanje ngeke ngithi besishoda ngomqeqeshi wabadali, kodwa ke yicebo engingalikhuluma nabaphathi beqembu, kodwa akuyona into engingathi ibizosisiza namhlanje.
“Angifuni ukuba nehaba kodwa kubi. Omunye umdlalo esiyeke ithuba lokukhuphuka etafuleni. Silokhe senza amaphutha awodwa.”
“Namhlanje bekufanele sinqobe ngamagoli amathathu noma amane.”
Inkulumo kaNabi isiyafana nenkulumo ka-Arthur Zwane ngesikhathi esapheka Amakhosi. Naye wayekhala njalo ngamathuba ayegejwa ezakhe, kweminye imidlalo ethi abadlali bakhe bayeke amagoli amahlanu. NoCavin Johnson ubhekane nenkinga efanayo.
IKaizer Chiefs izobhekana neRichards Bay FC eMlazi ngeSonto.