Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze akutshele abadlali ngemuva kwesiwombe sokuqala okubasize baginqe iMamelodi Sundowns koweNedbank Cup izolo.

Amakhosi ajabulise inqwaba yabalandeli ekhipha iSandawana kwiNedbank Cup phambi kwabalandeli bayo eLoftus Versfeld ngeSonto ntambama.

ISundowns ibikore kuqala kulo mdlalo ngengcwenga ye-freekick evalelwe wuTeboho Mokoena kodwa iChiefs yabuya ngamandla esiwombeni sesibili kukora uWandile Duba noAshley Du Preez sekuyophela umdlalo noma kube nezikhalo ngegoli lika Ash.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi uthi bebewuphethe lo mdlalo.

“Ngicabanga ukuthi kusukela esiwombeni sokuqala nje sidlale kahle,” kusho uNabi ekhuluma nabeSuperSport TV.

“Bekuwumdlalo wamaqhinga. Ngesikhathi sihlelela umdlalo sithe sizoqale siwuphathe ngobunono umdlalo esiwombeni sokuqala ngoba besazi iSundowns ibikhathele ngemuva kokubhekana ne-Esperance ekuhambeni, kuseza nomdlalo we-Al Ahly [okusho ukuthi bazozama ukuzonga], bebengeke bekwazi ukugijima umdlalo wonke.

“Ngemuva kwesiwombe sokuqala ngitshele abadlali ukuthi lo mdlalo ngowethu. Kufanele siwunqobe, sinqobele abaphathi beqembu nabalandeli. Kufanele sifike sikuveze ukuthi kusifanele ukufinyelela kowamanqamu.

“Bengazi sizodlala kahle esiwombeni sesibili.”

IChiefs izobhekana nePirates kwiNedbank Cup final ngo 10 May eMoses Mabhida Stadium.