Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ngeke awashintsha amaqhinga afike nawo ePhefeni ngoba useqalile ukubona umehluko uma eqhathanisa nebhola ebelidlalwa ngesizini edlule.

UNabi useqala ukuba ngaphansi kwengcindezi kwiChiefs njengoba ezakhe zihluleka ukunqoba imidlalo kulandelana. Ukuvula unyaka ngenduku kunenge abalandeli abaningi beqembu, abanye baphakamisa imibuzo ngamaqhinga alo mqeqeshi odabuka eTunisia.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uNabi uthe ngabe kulula kabi ukuthi avele agqishe abadlali emuva, bese ehlasela ngokuzuma ngoba iChiefs inabadlali abanesivinini futhi abayingozi phambili, kodwa ngoba uqeqesha iqembu elikhulu, ufuna ezakhe zifunde ukuphatha imidlalo.

“Sesihlale izinyanga eziyisithupha, Ngokubona kwethu isishintshile indlela iqembu elidlala ngayo,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba.

“Kuyiqiniso kodwa ukuthi imphumela ehlukene ayisisizi. Kodwa ukube ngisabela indawo yami kwiChiefs, noma ukube bengithanda, nami ngingagqisha abadlali emuva, sihlasele ngokuzuma ngo-Ashley Du Preez, onesivinini esimangalisayo, sithole imphumela ngaleyo ndlela.

“Kodwa akuyona indlela iqembu elikhulu elidlala ngayo leyo. Sifuna ukudlala ibhola elihehayo. Kuzothatha isikhathi ukwakha nokuqinisa le ndlela yokudlala. Kumele sikholelwe kuyo kodwa ukuze sizobona umehluko nsuku zonke.