Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi alikho iqembu elikhulu ukudlula Amakhosi kuleli ukuthi nje asaphethwe wumkhuhlane ozodlula maduze.

UNabi ubeke kanje ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates kusasa eFNB Stadium ngo 3 ntambama.

“Ngeke kungithuse uma iChiefs inqoba iSoweto Derby. NePirates uma iwona akekho ozothuka. Amaqembu amabili amakhulu kunawo wonke eNingizimu Africa lawa.

“Noma sisezindaweni ezingafani kwi-log, umdlalo unganqotshwa noma ngubani.

“Siyaye sithi amaqembu amakhulu ayagula kuphela, awafi. Sikholwa wukuthi iqembu lethu likhulu kunawo wonke eNingizimu Africa. Okwamanje sisabanjwe ukuvula nje kancane, kodwa sisaphila futhi kukhona esingakwenza.