Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi basazoyihlaziya kahle eyokungangeni egiyeni kukaNjabulo Blom obekulindelwe lukhulu kuyena njengoba ebolekwe eqenjini laphesheya.

UBlom ungomunye wabadlali abayingxenye yesikwati sikaNabi noma isikhathi esiningi edlala esuka ebhentshini noma engawuqedi umdlalo njengayizolo emdlalweni waMakhosi neMagesi FC. Uthole ithuba lokuqala esiswini noYusuf Maart kodwa bobabili ababanga nomdlalo omuhle.

Kule sizini usedlale imidlalo ewu-17 noma engakashayi into ecokeme, osekuphakamise imibuzo ngokuthi sekushintsheni kuye ngoba wafulathela elakuleli eyicangcatha indishi no-right back.

“Angifuni ukwahlulela ukuthi umdlali oyedwa udlale kanjani,” kuphendula uNabi ebuzwa ngoBlom.

“Kodwa ke sizobuka ama-stats akhe nama-video akhe, sizame ukuthola isizathu [sokungeni kwakhe egiyeni].

“Sikholwa wukuthi namhlanje ubengekho esimeni esihle, akadlalanga kahle, siyavumelana ngalokho, kodwa sizosibheka isizathu salokho.”