Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze iqhinga azolisebenzisa ukuze balwele zonke izinkomishi, abala kuzo nesicoco seligi, ngesizini ka-2025/26.

UNabi uveze lokhu engxoxweni nabezindaba ngemuva kokubuka ezakhe zishaywa yi-Asante Kotoko kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

Lo mphumela uphoxe abalandeli abaphume ngobuningi bagcwala eMabhida bezobuka ezabo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha, kodwa uNabi akakhathazekanga ngomphumela kakhulu. Ekhuluma nabezindaba uthe kuningi akuhle akubonile kulo mdlalo, kukhona kodwa nokunye asafisa ukukulungosa.

Ebuzwa ngezinhlelo zakhe kule sizini, ubeke kanje:

“Indlela esizodlala ngayo kule sizini, angikhulumi ngeligi kuphela, kodwa ngikhuluma nangeNedbank Cup neCAF Confederation Cup; sifuna ukugxila kumdlalo ngamunye.

“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi senza konke okusemandleni ukunqoba umdlalo ophambi kwethu. Noma kunjalo ke ngeke siwine wonke umdlalo, mhlawumbe kungenzeka…kodwa okuubalulekile wukuthi sikhombise ukulwela ukunqoba kuwona wonke umdlalo esizowudlala.

“Sizobona ukuthi sizohamba sifike kuphi ngale ndlela.”