Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi siyamxaka isikhathi okusabalale ngaso amahlebezi okuthi uzohlukana naMakhosi ekupheleni kwesizini ngoba baqeda ukunqoba iNedbank Cup.

Lo mqeqeshi ubeke kanje engxoxweni noRobert Marawa izolo ephendula imibiko eveza ukuthi iqembu lizohlukana naye ekupheleni kwesizini nakuba eqede ishobolo leminyaka ewu-10 iChiefs inganqobi lutho kwiPSL.

“Ngimangele kakhulu ngala mahlebezi nemibuzo ngoba ngigxile kakhulu emidlalweni emibili ezayo,” kusho uNabi.

“Sifuna abadlali bethu bagxile kwimidlalo ezayo nasezintweni ezinhle ngoba kubalulekile ukuthi siqede kwitop 8. Ngifuna iqembu liqede kwitop 8, angifuni ukulahlekelwa wumgqigqo wokuwina iNedbank Cup.

“Ngisanenkontoleka, angikhathazekile ngamahlebezi. Angiboni isikhathi esihle sokukhuluma ngalento.

“I still have a contract and I am not too worried about that (leaving). I don’t think that it is the best moment to talk about that.

“Kaizer Chiefs is my family. Now I have the mission and the responsibility to focus on my job. We have two tough games and all of the players are focused on them,” Nabi added.