Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uphinde wasala ezibuza ukuthi abadlali bakhe bawageje kanjani amathuba okukora abawathole emdlalweni wabo neCape Town City ophele ngo 0-0.

IChiefs ibisethubeni lokunqoba okwesithathu kulandelana ngaphansi kukaNabi, okuyinto abagcina ukuyenza ngoDecember 2023, kodwa abadlali bayo bageje inqwaba yamathuba eFNB Stadium izolo.

Ngemuva kwephuzu layizolo iChiefs ayikhuphukanga kwilog yeBetway Premiership, kunalokho izibeke engcupheni yokuphuma kwitop 8 njengoba iGolden Arrows isezithendeni zayo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uNabi usole abadlali bakhe ngokungenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi babeka ibhola enethini.

“Sisesimeni esikuso ngenxa yokulahla amaphuzu amaningi ngale ndlela,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Besiwuphethe umdlalo, sawakha amathuba okukora, kodwa sahluleka.

“Kumathuba esiwatholile kufanele senze kangcono. IKaizer Chiefs le. Akufanele ngabe sigeja amathuba alula kanje siyiChiefs.

“Kulungile ke sesiwalahlile amaphuzu, kodwa sinomdlalo ngempelasonto. Sidinga amaphuzu amathathu kuleli sonto, kodwa ngeke kube lula. Awukho umdlalo olula ngoba onke amaqembu adlala ngalendlela.”

UNabi usole iCity ngokugqisha emuva emdlalweni wayizolo okuyinto athi yenze kube nzima ukuthi bagqobhoze udonga lwayo kodwa uthi bekufanele bavalele okungenani igoli elilodwa kumathuba abawatholile.

Ngempelasonto iChiefs izobhekana neRichards Bay FC eMlazi ngeSonto ngo 15:30.