Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi sebebheke ukwenza kahle emdlalweni olandelayo ngemuva kokukhipha iStellenbosch FC kwiNedbank Cuo.
Amakhosi adlulele phambili kulo mqhudelwano egqisha iStellies ngo 3-1 eNelson Mandela Bay Stadium.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi uncome abadlali bakhe ngokujabulisa abalandleli.
“Wonke umuntu ujabule, bonke abalandeli bethu abagcwele eNingizimu Afrika,” kusho lo mqeqeshi.
“Kodwa kumele sicabangise okweqembu elikhulu. Bekuyisivivinyo lesi, manje sekumele sicabange ngesivivinyo esilandelayo.
“Kungiphoxile ukuthi sidedele igoli, kodwa bengazi sidlala neqembu eliqinile, elinzima.
“Ngemuva kokudedela igoli besisakholwa ukuthi singabuya sishaye elinye igoli, kodwa futhi besikulunguselele nokudlala kwi-extra time.
“Yingakho sifake uShabalala noVilakazi, bese sihlelela i-extra time, ukuze siqine kancane phambili.”
UVilakazi uvalele igoli lesithathu elishayele isipikili kwiStellies emdlalweni wayizolo.
IChiefs isizolungiselela ukubhekana neCape Town City ngoLwesithathu emdlalweni weligi. Kuzokhumbuleka ukuthi iCityzens yagcina ithathe amaphuzu amathathu kwiChiefs.