Ukapteni weKaizer Chiefs uYusuf Maart uthi umqeqeshi uNasreddine Nabi unamaqhinga angena khaxa kubadlali baMakhosi, kodwa usadinga ukujwayela iPSL.
UMaart ubeke kanje ngaphambi komdlalo weChiefs ne-Orlando Pirates oseFNB Stadium ngo-15:00 namhlanje.
IChiefs isele kakhulu kwiBucs kwiBetway Premiership kanti naseminyakeni edlule nje Ezimnyama zenza kangcono kunaMakhosi njengoba zidle inqwaba yama-cup ngaphansi kukaJose Riveiro oshiyayo ekupheleni kwesizini.
Ngenxa yokungahambi kahle kwemiphumela, abanye abalandeli baMakhosi ezinkundleni zokuxhumana sebeqalile ukuzwakalisa ukungenami ngoNabi abamsola ‘ngokupheka’ into engavuthwa.
UMaart uthi lo mqeqeshi udinga isikhathi.
“Umqeqeshi uNabi unendlela yakhe yokuqeqesha nendlela iqembu afuna lidlale ngayo. Siyahambisana nakho kakhulu njengabadlali,” kusho uMaart.
“Siyahambisana nakho ngoba uyazazi ufuna ukwenzani, kodwa ngicabanga ukuthi udinga isikhathi sokufunda iPSL. Uzofunda ukuthi izinto zibuye zihamba kanjani kwiligi. Okokuqala eqeqesha kuleli, usazojwayela. Mhlawumbe ngesizini ezayo izinto zizokwenzeka ngendlela ezifisa ngayo, ngeke wazi.”
Inkulumo kaMaart ibeka ngokusobala ukuthi ukapteni weChiefs ubona kubabambezelile ukungabi nawo amava ePSL kukaNabi. Ngamanye amazwi uthi uzoyilungiselela kangcono isizini entsha yeBetway Premiership ngoba uzobe esewazi kangcono amaqembu agijima kule ligi namaqhinga awasebenzisayo uma ebhekene neChiefs.
Ngemuva kweSoweto Derby yanamhlanje, iChiefs nePirates bazophinde babhekene kowamanqamu weNedbank Cup eThekwini ngesonto elizayo ngoMgqibelo.