Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usephumele obala ngezingxoxo nobengumdlali weMamelodi Sundowns uGaston Sirino (33).
IChiefs imatasa kulezi nsuku izama ukuqinisa isikwati kulandela ukungena ehlazweni ishaywa ngo 4-0 kumdlalo wokulungiselela isizini entsha ngempelasonto edlule.
Kwacacela ngisho ingane encane ukuthi akukho lutho olutheni esikwatini saMakhosi, esiqede kunombolo 10 kwiligi ngesizini edlule.
Ekhuluma ngemuba kwesibhaxu sangempelasonto uNabi wathi kumele babuke isikwati seChiefs ngaphandle kwemizwa…inkulumo yakhe yaqiniswa nawumqeqeshi weYanga uMiguel Gamondi owathi uNabi uzodinga ukuthengelwa abadlali uma befuna aphumelele Ephefeni.
Lo mqeqeshi usekuqinisekisile ukuthi beshela uSirino.
“Yebo, uSirino usohlwini lwethu. Uwumdlali onamava. Sifuna ukumbuka. Sifuna ukubona ukuthi ngabe usesimeni esifanele yini ngokomzimba. Engayiqinisa indlela esifuna ukudlala ngayo,” kusho uNabi.
Ngokwemibiko yamanye amaziko ezemidlalo, iChiefs noSirino sebevumelene, sekushoda ukuthi enze imedical, asayine inkontileka. Uma ejoyina kulindeleke ukuthi athathe unombolo 10 oshiywe wuKeagan Dolly.