Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usephinde wahlaba ikhwelo kwizikhulu zePremier Soccer League (PSL), wacela isukunyekelwe ngokushesha indaba yeVideo Assistant Referee (VAR) kuleli ukuze bezolekelela onompempe.

UNabi uzwakalise ukungenami ngezinga lonompempe bebuya nephuzu koweBetway Premiership bebhekene nomakoti iMagesi ngoLwesithathu.

IChiefs isinde ngokulambisa kulomdlalo iminywa iMagesi ebihamba phambili ngamagoli amabili, umdlalo waphela ngo 2-2.

UNabi ushaye amakhala ngezinqumo ezimbili akholwa ukuthi zishintshe umdlalo.

“Siphoxekile impela kodwa kufanele singayizibi eyonompempe abaphethe imidlalo. Sekuyisikhathi sokuthi kulethwe iVAR kwiligi yethu. Ngikholwa ukuthi sincishwe iphenathi kuDuba, nabantu bazozibonela okwenzekile. 

“Igoli lesibili leMagesi lingene nge-freekick obekufanele inikezwe thina. I-free kick inikezwe bona, bashaya igoli lesibili. 

“Angifuni sifakele onompempe ingcindezi ngoba bangabantu abanamaphutha kwabona. Ngiyacela ezikhulwini zePSL ukuba zisukumele indaba yeVAR ukuze kuzolekelelwa onompempe. Sibhekene nenkinga yokujeziswa ngezinqumo ezibhedayo njalo,” kubeka uNabi ekhuluma nabeSuperSport TV.

Amagoli eChiefs avalelwe uMduduzi Shabalala emizuzwini emibili ilandelana ngesiwombe sesibili. 

IChiefs isizobhekisa amabombo koweCarling Knockout abazowudlala neMamelodi Sundowns eFNB Stadium, ngoMgqibelo.