Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uncome abadlali bakhe ngokubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neStellenbosch FC ngoLwesithathu ebusuku, wachaza nangezinguquku azenze esiwombeni sokuqala.

IChiefs iginqe iStellies ngo 2-1 eFNB Stadium kade ilandela ngemuva. IStellies ikore kuqala kulo mdlalo uKhomotjo Lekoloane evalela igoli ngomzuzu ka-20. Amakhosi abuye emdlalweni ngegoli likaWandile Duba ngomzuzu ka-28. Esiwombeni sesibili uDuba uphinde wabuya washaya elisibili ngomzuzu ka-57.

Ukunqoba kweChiefs kuyibeke kunombolo 5 kwiBetway Premiership.

“Okokuqala, ngicela ukuncoma abadlali. Akukho lula ukubuya emdlalweni ulandela ngemuva,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Noma siwuqale kahle umdlalo sibonile ukuthi kunokudideka ngabadlali abathathu emuva, okunikeze iStellenbosch ithuba lokuphatha umdlalo…siqoke ukwenza ushintsho ngenxa yalokho. Sikhiphe uleft back (Bradley Cross) safaka uTebogo Potsane. Akukho lula ukubuya ubhekene neStellies uvalele amagoli amabili. Siyabonga kubadlali. Kufanele sibancome.”

UNabi uphinde waveza ukuthi umdlalo wabo odlule neCape Town City ushiye abadlali abaningi benemihuzuko ngenxa yendlela obunzima ngayo kodwa badlale phezu kwezinhlungu.

IChiefs izobhekana neGolden Arrows ngeSonto ngo-15:30 ntambama eMoses Mabhida Stadium.