Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usencome okuhle okufike nabadlali abathathu abasayiniswe ngoJanuary okunguThabo Cele, Goldy Lilepo noTashreeq Morris.

Ngasekuqaleni kwesizini uNabi wayekhala ngokushoda ngabadlali abasezingeni eliphezulu, abayi-quality. Ukhale kwaze kwavulwa iwindi lokusayinisa abadlali ngoJanuary, abaphathi bamnikeza okunye abekudinga noma esazophinde atheze uma kuphela isizini. Lo mqeqeshi ujabule ngokufike nabadlali abasha.

“Uma sikhuluma ngoLilepo, unamagoli amathathu emdlalweni emine,” kusho uNabi.

“UThabo Cele ufike nento ebengityidinga esiswini. Uyagqama emdlaweni futhi ukwazi ukwenza izinto ezihlukile esiswini. Ngicabanga ukuthi uyayithanda iChiefs, ngendlela engithanda ngayo umfazi wami – usezingeni eliphezulu.

“Uma ngikhuluma ngoMorris….asinaye omunye umdlali odlala njengaye. Sisazombheka omunye uMorris kodwa. Akawakori amagoli amaningi kodwa unalento esiyidingayo. Udinga isikhathi ukulingisa okukodwa noma okubili kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuningi asozokwenzela iChiefs.”

Laba badlali kulindeleke ukuthi badlale indima enkulu emdlaweni weChiefs neMamelodi Sundowns namhlanje ngo-15:30 ntambama.