Umqeqeshi weKaizer Chiefs useveze iphutha elenziwe abaphathi bakhe abasha zisuka, uthi lidinga ukulungiswa ngokushesha.
UNabi uveze lokhu izolo njengoba leli qembu lisaqaqamba kwisibhaxu sangempelasonto esiphoxe abalandeli abaningi.
Ekhuluma nabeSuperSport TV, uNabi uthe ujabule ngabadlali abasayiniselwe yiqembu kodwa kukhona iphutha abalenzile.
“Ngijabule ngabadlali ababili abasha. Bayadingeka eqenjini. Ngiyakuhlonipha engikwenzeliwe, kodwa iqembu lisadinga abanye abadlali kwezinye izindawo abazokwazi ukumelana nesizama ukukuzuza,” kuchaza uNabi.
“Nabalandeli badinga ukwazi ukuthi izinto ngeke zishintshe ngokushesha, sizothatha isikhathi sethu ukuze liqine iqembu. Kunabadlali esizobasayinisa engingeke ngibaveze, kodwa bayeza.
“Iqembu like lenza iphutha lisayinisa abadlali abebengadingeki. Abadlali abebengekho ezingeni leKaizer Chiefs. Kumele siqaphele ukuthi sibakhetha kanjani abadlali.”
IKaizer Chiefs isezingxoxweni noGaston Sirino, kanti sekuvele nokuthi ixoxisana neStellies ngoFawaaz Basadien. Leli qembu lidinga nokusayinisa okungenani umgadli oyedwa omusha ongalibheki ipali.