Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ukhale ngokushoda ngabaholi eqenjini lakhe ngemuva kwesibhaxu sika 2-1 abasithole kwiMarumo Gallants ngoMgqibelo eFNB Stadium.

IChiefs ikore kuqale kulo mdlalo uGlody Lilepo evalela ingcwenga yegoli esiwombeni sokuqala ngomzuzu ka 10. Ngfemuva kwalokho nokho kuvuke idimo layo elidala lokushweba phambi kwemali, yaze yabuya emdlalweni iGallants ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefeni ngegoli likaMatome Mathiane. Umdlali odabuka eZimbabwe uDaniel Msendami uvalele igoli elibeke iGallants phambili ngomzuzu ka 70, kwaphela kanjalo ngaMakhosi.

UNabi uthi ayikho into abayidlalile izolo.

“Ngeshwa ayikho into esiyidlalile namhlanje. Into ebaluleke ukudlula konke okunye umphumela womdlalo, nawo ke awuhambisani nathi,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Asikho endaweni enhle kwi-log, sisimeni esinzima.

“Ngingakusho nokuthi esiwombeni sokuqala nje singakakori, besihluleka ukungena egiyeni. Besishoda ngabaholi enkundleni, nokuzethemba uma sihlasela noma sivala emuva.”

IChiefs isele nemidlalo emithathu kule sizini kwiBetway Premiership. Izobhekana ne-Orlando Pirates ngempelasonto ezayo. Ngemuva kweSoweto Derby izobhekana neSekhukhune United (17 May) bese ivala isizini ngomdlalo nePolokwane City (24 May).

Isazodlala nakwiNedbank Cup final ne-Orlando Pirates okungayisiza kakhulu uma ingayinqoba njengoba sekuphele iminyaka ewu-10 inganqobe lutho.