Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze afisa ukukubona kwenzeka ukuze aqhubeke nomsebenzi wokuqeqesha Amakhosi ngesizini ezayo.

UNabi uveze lokhu engxoxweni kwi-Extra Time njengoba sekunemibuzo ngekusasa lakhe kwiGlamour Boys nakuba enqobe iNedbank Cup.

Ngesikhathi kubuzwa iSporting Director uKaizer Motaung Junior ngalolu daba sathi uNabi usenankontileka neChiefs, usalelwe wunyaka kodwa wangacacisa ukuthi bayamgcina noma cha, wathi basazohlala phansi bahlaziye isizini ngoba abaneme ngendlela okuhamba ngayo kwiligi.

Ngokwemibiko le nkulumo kaJunior ayehlanga kahle kuNabi. Naye useziphendulele ngokuveza umgomo ozomenza ahlale kwiChiefs.

“Ngisanenkontileka kwiKaizer Chiefs, kodwa ngikholwa wukuthi uma iqembu lifuna ukuqhubeka nami, kufanele linginikeze amathuluzi okuphumelela,” kusho uNabi.

“Anginaso isizathu sokushiya, ngisho kungaqhamuka elinye iqembu. Ngiyayilihlonipha leli qembu futhi ngifuna ukuqhubeka.”

UNabi uthe umsebenzi omhlalele manje ukuqinisekisa ukuthi bagcina umgqigqo abawuthole ekunqobeni iNedbank Cup kwimidlalo emibili esele kwiligi ukuze bezongena kwitop 8.

IChiefs izobhekana neSekhukhune ngoMgqibelo ngo 15:00 ePeter Mokaba Stadium.