UKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director kwiKaizer Chiefs, usechithe umbiko weSunday Times wokuthi uzoxoshwa ekupheleni kwesizini umqeqeshi uNasreddine Nabi ngisho ewine iNedbank Cup.

Umbiko weSunday Times uphume ngeSonto ekuseni, wadida abaningi kwazise iChiefs ibikade iqukule iNedbank Cup ngoMgqibelo, kanti ubukubeke kwacaca ukuthi abaphathi beqembu banqume ukumdedela ekupheleni kwesizini ngisho enqobe iNedbank.

Ephendula lolu daba uJunior ekhuluma kwi-5FM ubeke kanje:

“Umqeqeshi usazohlala enye isizini ngemuva kwale. Okwamanje, njengenhlalayenza, sisazohlala phansi sihlaziye isizini. Siyazi akuhambi kahle kwiligi.

“Siyazi siqeda ukuzuza into enkulu, eyirekhodi. Simatasa nezinhlelo, kodwa abantu kufanele bakuthathe njengegxathu elikhulu ukuthi sinqobe iNedbank Cup.

“Sithemba ukuthi kuzofakela abalandeli, abaqeqeshi, abadlali nabasebenzi beqembu ugqozi ngokusomele sikwenze silungiselela ikusasa.”

IChiefs isasele nemidlalo emibili kule sizini kwiBetway Premiership. NgoMgqibelo izobhekana neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, bese ivala isizini ngomdlalo nePolokwane City ngoMay 24 eFNB Stadium.