Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usecele abalandeli beqembu ukuthi baqhubeke nokubekezelela abafana abancane abasazobonakala kwifirst team yeZimnyama.
URiveiro ubeke kanje ngemuva komdlalo wayizolo neGolden Arrows abawunqobe ngo 3-0. Kuwo kuqale uRelebohile Mofokeng (21), Simphiwe Selepe (20), Mohau Nkota (20), noMbekezeli Mbokazi (19). Esiwombeni sesibili ufake uYanga Madiba (23) Cemran Dansin (20) noBoitumelo Radiopane (22).
Ngathi ubethumela umyalezo wokuthi ‘nazi izintwana ezizoqhubeka nomsebenzi engiwuqalile’ indlela abezidedele ngayo bexina Abafana Bes’thende e-Orlando Stadium.
UReveiro ushiye abalandeli beqembu nalo myalezo:
“Kumele baqonde uhlobo lwabadlali esinabo eqenjini, ukuthi bancane kangakanani ngokweminyaka ngakho kufanela babasize ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
“Kufanele bababekezelele, babeseke, ngokunjalo nomqeqeshi omusha ngisho ngabe ubani, uzoza ehlose ukuzosiza iqembu alibeke kwelinye izinga. Uzodinga abalandeli ukuthi bameseke ngokubezela ngoba uzokudinga [umqeqeshi omusha]”.
IPirates isazodlala eminye imidlalo emine kule sizini. Kumdlalo wayo wokuqala ngaphandle kukaJose Riveiro izobhekana neTS Galaxy ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.