Umgadli weBayern Munchen uThomas Muller usecele uzakwabo oqhulula amagoli uRobert Lewandowski ukuthi ahlale eqenjini yize esezibeke obala izifiso zokushiya eBavaria.

Ngenyanga eyedlule, uLewandowski wanqaba inkontileka entsha kwiBayern, ayijoyina ngo-2014 esuka kwiBorussia Dortmund.

Watshela izikhulu zeBayern ukuthi ufuna ukushiya kulesizini, kunokuthi alinde kuze kuphele inkontileka ngoJuni 2023.

ULewandowski nemenenja yakhe uPini Zahavi bakhala ngokungahlonishwa yiBayern engafuni ukudweba inkontileka yeminyaka eluliwe neholo elinyusiwe.

Kulelisonto, uLewandowski wakhwela wadilika kubaphathi beqembu, wacacisa ukuthi akafuni ukugcinwa ngenkani.

“Okuyiqiniso ukuthi akusekho okungihlanganisa neBayern. Angiboni kunethuba lokuthi ngiqhubeke nokudlala kuleliqembu,” kusho lomgadli.

UMuller uthemba ukuthi uLewandowski usazoshintsha ukucabanga. Ekhuluma nephephabhuku laseGermany iKicker, uMuller ubeke kanje:

“Ngiyafisa umlingani wami omdala ahlale eqenjini. Sisahlabe ikhefu okwamanje, Ziningi izindaba ezimbi esibhekene nazo. Ngiyakhumbula uFranck Ribery esafuna ukuyodlala kwiReal Madrid.

Okuyiqiniso ukuthi wonke umdlali onenkontileka kwiBayern ngomhlaka 1 kuSepthemba uzozimisela ngoba akekho umdlali othanda ukuboza,” kusho uMuller.