Umgadli waseZambia u-Augustine Mulenga uzimisele ngokuthola iqembu eNingizimu Afrika ngemuva kokulaxazwa AmaZulu.

Ukungelulwa kwenkontileka kaMulenga (32) kuthuse abantu abaningi njengoba sekucacile ukuthi uyingxenye yabadlali abangu-13 abazochithwa Usuthu.

UMulenga wajoyina AmaZulu ngo-2020 esuka kwi-Orlando Pirates. Ubengomunye wabadlali ababalulekile ngesikhathi sikaBenni McCarthy obeke Usuthu endaweni yesibili ngesizini ka-2020/21.

Izinto azimhambelanga kahle uMulenga ngo-2021/22 ngoba ubekhuhla nebhentshi. Imiphumela ibigqoza oSuthwini kwazise lungene ngopotsho kwiTop 8, lwaphuma kusakhanya esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.

Ukuxoshwa kukaMulenga kusathusa kakhulu njengoba ebeyinsika yeqembu, ikakhulukazi uma esehlanganiswe noLuvuyo Memela. Kuvela ukuthi Usuthu luhlela ukwenza izinguquko esikwatini njengoba luzomemezela abadlali abangu-8 abasha.

Imibiko idalula ukuthi lomdlali watshelwa ukuthi inkontileka yakhe angeke yelulwe engakalitholi nethuba lokuvalelisa kozakwabo. Imenenja yakhe uNawa Nyame uqinisekisile ukuthi uMulenga uthungatha iqembu kuleli.

“UMulenga useshiyile kuMaZulu, akasenalo iqembu. Akhona amaqembu abemfuna eMiddle East kodwa asizimisele ngokubheka ngalapho. Sifuna iqembu elizomnikeza inkontileka ende ngoba usekhulile uMulenga.

Uyafuna ukuhlala eNingizimu Afrika ngoba useqede iminyaka emine eyibambe kulelizwe futhi uphatheke kahle. Okwamanje sisabheka,” kubeka uNyambe.