UTlakusani Mthethwa, ongomunye wabadlali abasha kwiRichards Bay, uthi ukusayinisiswa kwabadlali abanohlonze kuzosiza iqembu lidlalele kude nezembe kulesizini ezoqala.
UMthethwa, oshiye kwiMoroka Swallows yize esanenkontileka, ukholwa ukuthi iBay ingakwazi ukuzibekisela ngendawo kwi-top 8 ngoba itheze abadlali abasezingeni emakethe.
Lomdlali oyibamba esiswini wethulwe nabanye abadlali abahlanu abasha okukhona kubo uKeegan Allan, Thabiso Kutumela, Siyethemba Sithebe noFezile Gcaba.
UMthethwa unethemba lokuthi iNatal RichBoyz izophendula amatafula ngesizini ka-2024/25.
“Iqembu lizoqhela ezembeni, ngikhuthazwa abadlali engibona besayiniswa. Ngizozikhandla ngiqinisekise ukuthi iqembu liyakhuphuka kwiligi. Iqembu belinabo abadlali abanohlonze ngesizini ephelile, kufanele sisebenze kanzima ukuze sizofeza imibandela ebekiwe,” kuchaza uMthethwa ecashunwa abeSowetan.
UMthethwa uhlale amasizini amahlanu kwiMoroka Swallows egcine idayisele iMarumo Gallants isitifiketi sePSL.
Lomdlali uthi usayine kwiBay ngoba efuna ukushaywa umoya, aqhele eGauteng.
“Bekungelula ukusayina kwiRichards Bay. Benginayo inkontileka neSwallows, okuchaza ukuthi bengizoqhubeka nayo kwiMarumo. IBay inesikhathi eside ingishela. Ngaqala ngokungayinaki ngoba iSwallows yayingakadayiswa.
“Ngangifuni nokuxhamazela ngekusasa lami ngingakakhulumi nemenenja (Jazzman Mahlakgane) okuyiyona engitholele iqembu. Bengifuna ukushawa umoya, ngiqhele eGauteng. Yingakho nginqume ukusayina neqembu. Ngibone kungcono ukushintsha indawo, ngiqale kabusha endaweni ehlukile.
Ukudayiswa kweSwallows kulandele ngemuva kwezinkinga zezimali eziphoqe ukungaholelwa kwabadlali. Abadlali bagcina sebeteleka ngoDisemba wango-2023, bekhala ngokungayitholi imali yabo.
UMthethwa uthi kuyamjabulisa ukusayina neBay ngoba angeke esabhekana nezinkinga zezimali ebezimkhungethe kwiSwallows.
“Ukusayina neBay kuyisinqumo esihle, ngijabule kakhulu. Ngiphatheke kabi ngokudayiswa kweSwallows kodwa izinkinga zeqembu bezizolambisa abadlali uma sesiwabeke emgibeni amakhokho,” kuchaza uMthethwa.