Sphamandla Gumede

Yize isethenjwa somsubathi wakuleli uCaster Semenya engeke agijime emjahweni we-800m kuma-Olympics Games eJapan nonyaka, uNgqongqoshe woMnyango wezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo uNathi Mthethwa usethembise ukulwa ngamandla akhe okugcina ukuze lomsubathi ezobuyelwa yinhlonipho emufanele.

USemenya osenqobe izindondo eziningi zama-Olympics, usempini ne-International Association of Athletics Federation (IAAF) mayelana nelungelo lakhe lokusubatha.

USemenya (28) usehluleke kabili ezinkantolo iCourt of Arbitration for Sport naseSwiss Supreme Court efuna ukuguqula isinqumo sokuthi akanciphise ama-hormones akhe etestosterone aphezulu.

Emasontweni amathathu edlule, uSemenya uqhubeze udaba lwakhe waluyisa e-European Court of Human Rights. Njengoba ama-Olympics ezobanjelwa eTokyo ngoJulayi, kubukeka kunzima ukuthi lenkantolo ikhiphe isinqumo esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezine.

Ngonyaka odlule, i-Athletics SA (ASA) ibale uSemenya eqenjini labadlali abazomela iNingizimu Afrika kuma-Olympics.

UMthethwa uthi uHulumeni uzomeseka uSemenya ngakho konke akudingayo ukuze anqobe lelicala.

“Silubikile loludaba ePhalamende, siyamulwela uCaster Semenya. Sesithembe IHuman Rights Court, sizoqhubeka nokulwa. Angeke simushiye dengwane, sizomulwela, sizobalwisa labo abafuna ukumqumba phansi. Sizosebenzisana ne-ASA ukuze siqinisekise ukuthi loludaba siyalifafaza ngoba lokhu okwenzekayo akunabo ubulungiswa. Kumele silwe ngayo yonke indlela. Lokhu kufana nokuhlukumeza amalungelo omuntu,” kubeka UMthethwa.

UMthethwa uthe uHulumeni uzimisele ukukhokha imali ukuze uSemenya ezowina icala, abuyele emjahweni we-800m.

UMthethwa ubekhuluma emcimbini wezemidlalo obubanjelwe e-Emperor’s Palace, lapho bekuhlonyuliswa khona izinjinga kwezemidlalo.

UNgqongqoshe ube esenikeza iqembu labesifazane lekhilikithi imali elinganiselwa ku-R20 000 umdlali ngamunye. Abanye abahlabene ngenkece umdlali wezithuthuthu uBrad Binder nomdlali webhola lomphebezo okhubazekile uKgothatso Montjane.