Ukaputeni weTS Galaxy uGiven Msimango uzwakale ezimisele ngokujoyina iKaizer Chiefs, yize edalule ukuthi akekho osekhulume naye ngokufunwa yiqembu laseGauteng.

UMsimango (25) umataniswa neChiefs.

IGibela Sport isithole ngomthombo wayo ukuthi iGlamour Boys ibeke u-R2 million yize iGalaxy icele u-R5 million.

IGalaxy isidayise u-Ethan Brooks no-Augustine Kwem, okuyinkomba yokuthi angeke ime endleleni yomdlali uma amaqembu ekhokha imali eceliwe.

Ekhuluma nabeSowetan ngempelasonto, uMsimango uthe usebumnyameni ngekusasa lakhe kodwa engaligxumela ithuba lokuyodlala kwiGlamour Boys ngesizini ka-2022/23.

“Angeke ngiqambe amanga, angazi ukuthi kuqhubekalani. Izindaba zeqembu ziphethwe uSihlalo (Tim Sukazi). Akekho umuntu osengitshele ukuthi ngifunwa iChiefs. Ngijwayele ukusho ukuthi sengikulungele ukujoyina iqembu elikhulu,” kuchaza uMsimango.

UMsimango usalelwe amasizini amabili agcwele kwinkontileka yakhe yakhe njengoba izophela ngomhlaka 30 Juni 2024.

“Sekuyisikhathi sokushintsha iqembu manje kodwa angeke ngihambe ngenkani. Ngizoqhubeka nomsebenzi wami njengomdlali. Umuntu onelungelo lokungitholela iqembu oSihlalo bamaqembu womabili (Sukazi & Kaizer Motaung). Angeke ngihambe kwiGalaxy ngaphandle kwezibusiso,” kusho uMsimango.