Isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns, uThemba ‘Mshishi’ Zwane, sesixwayise ozakwabo ukuthi bangayithathi kancane iCape Town City. 

ISundowns neCitizens bazotholana phezulu kusasa eKapa ngo-19:30 emdlalweni okulindeleke ukuthi ucacise ukuthi lama qembu ayilungele kangakanani isizini ka-2022/2023 njengoba omabili ezodlala kwiCAF Champions League. 

ICape Town City iqede kunombolo 2 ngesizini edlule, isele ngamaphuzu awu-16 kuMasandawana. 

“ICape Town City iyiqembu elihle, sidinga ukuzihlela kahle futhi sigxile kumaqhinga ethu uma sesibhekene nayo. Kumele sisheshe siwuqede umdlalo ngoba basekhaya. Uma besekhaya banomfutho ophezulu, nathi sidinga ukuza nomfutho,” kusho uZwane. 

UMshishi uqhube wathi uyathemba bazophuma ngobuningi babo abalandeli beDowns bezobaseka eCape Town Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

‘Sidinga abalandeli ukuthi beze ngobuningi babo ngoba bayasiqgugquzela emdlalweni futhi kuyasijabulisa ukubabona. Abalandeli abalindele umdlalo oseqopheleni eliphezulu onamagoli,” usho kanje. 

Eminye imidlalo yeDSTV Premiership kule mpelasonto

NgoMgqibelo 6 August 2022

Golden Arrows vs Richards Bay – 3PM

Marumo Gallants vs Stellenbosch – 3PM

Orlando Pirates vs Swallows – 3PM

Royal AM vs Kaizer Chiefs – 5.30PM

Maritzburg United vs Sekhukhune United – 8 PM

NgeSonto – 7 August 2022

TS Galaxy vs AmaZulu – 3PM

SuperSport United vs Chippa United- 7.30PM