Umrepha ohlonishwayo endimeni yomculo kuleli u-AKA uzokwazisa abantu kabanzi ngokuthi kunjani ukuphathwa yigciwane iCovid-19 ohlelweni lwethelevishini. U-AKA, ogama lakhe lokuzalwa u-Kiernan Forbes, ngoLwesithathu uqalile ukubonakala ohlelweni iNewsish kuMTV Base nakuBET lapho ageqa khona amagula ngokuthi kunjani ukuphathwa yileli gciwane eselibulale abangaphezulu kuka-4 000 eMzansi nokuthi ulwa kanjani nalo.

U-AKA uphumele obala ngokusuleleka ngeCorona ngoLwesihlanu odlule. Uzovela ekhuluma ngokuphathwa yileli gciwane njalo ngo-5 ntambamba kuMTV Base nango-9.30 ebusuku kuBET.

Lo mrepha ungomunye wosaziwayo abaningi abahaqwe yiCovid-19 kuleli okubalwa kubo u-Enhle Mbali, Brian Temba, Sthembiso Radebe noSthandiwe Kgoroge.

Noma esanda kuthola lezi zindaba, okuzomthoba inhliziyo nokho ukuthi muva nje usanda kupikwa emnxeni emibili kumaSouth African Music Awards SAMA2020. U-AKA usethubeni lokunqoba indondo yeRecord of the Year neMusic Video of the Year ngeculo lakhe iJika.

Leli culo libalwa nadlalwe ubuthaphuthaphu emsakazweni yakuleli ngonyaka odlule kanti ivideo yalo kuYouTube isibukwe izikhawu eziwu-3.9 million.