Umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane eZambia, uBruce Mwepu, usekulindele ngabomvu ukubhekana neBanyana Banyana kuma-semifinals eWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON). Umdlalo ungo-7 namhlanje kusihlwa eStade Mohammed V Stadium, eMorocco.
IZambia izibekisele indawo kuma-semifinal ngokushaya iSenegal kuma-penalty kulandela umphumela ka 1-1 emzuzwini ewu-90.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uMwepu uthe kuyamjabulisa ukuthi ezakhe zizobhekana neBanyana.
“Kuzobe kuwumdlalo ongelula ngoba sekukaningi sidlala nabo phambilini. Engikuthandayo ngokubhekana neNingizimu Afrika wukuthi ayidlali ibhola ngamandla. Uma sesibhekene akekho ozosaba omunye ngoba bayasazi nathi siyabazi,” usho kanje.
IZambia inenebule Banyana ngo 3-0 emdlalweni wobungani wokulungiselela iWAFCON. Kulowo mdlało umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis wayethembele kakhulu kubadlali abagijima kwiHollywoodbets Super League, abadlala phesheya babengakafiki.
Lawa maqembu azodlala kwiFIFA Women’s World Cup ngonyaka ozayo.