Umqeqeshi weZambia uBruce Mwape uthe iBanyana Banyana bekufanele idlulele kowamanqamu we-African Women’s Cup of Nations ngoba idlale kangcono ukudlula ezakhe emdlalweni.

ICopper Queens ifinyelele kuma-semifinals e-AWCON okokuqala ngqa emlandweni weqembu. IZambia yenze ezibukwayo esiwombeni sokuqala, kwanqaba khona ukuthi ithole igoli.

IBanyana inqobe lomdlalo ngo 1-0 eMohamed V Stadium. Igoli leBanyana kube iphenathi esolisayo eshaywe uLinda Mothlalo esikhathini esengezwe unompempe esiwombeni sesibili.

Kusize unozinti u-Andile Dlamini nezitobha zeqembu kwazise iZambia ibifika ebhokisini leNingizimu Afrika.

UMwape uthi ezakhe zilehlisile igiya esiwombeni sesibili.

“Ngiphoxekile ngomphumela. Womabili amaqembu abebambene esiwombeni sokuqala, yize besinawo amathuba okushaya amagoli kuleso sikhathi.

Sikhande amathuba ambalwa esiwombeni sesibili, umphumela uchaza isimo somdlalo ngokuyiqiniso,” kubeka uMwape.

Iphenathi etholwe iBanyana ishiye abaningi bekhala kwazise bekubukeka sengathi uJermaine Seoposenswe udlale kabi ngaphandle kwebhokisi.

UMwape akafunanga ukuphawula kakhulu ngesigameko.

“Anginalo ulwazi ngephenathi. Iphenathi ikhonjwe unompempe kanye nethimba leVAR.

INingizimu Afrika ishintshe uhlelo lokudlala esiwombeni sesibili ngoba ibobile ukuthi besiyifakela ingcindezi. Kubaphoqile ukuthi benze izinguquko, basizwe ukwenza kanjalo,” kubeka uMwape.