Oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi uthi umqeqeshi omusha weqembu uzomenyezelwa ngeSonto elizayo.

IRoyal AM ayinaye umqeqeshi kusukela yalaxazwa uJohn Maduka osejoyine iMaritzburg United.

UMnisi ubekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified ngoLwesibili ebusuku.

“Kufanele uthole umqeqeshi osezingeni eliphezulu uma ulahlekelwe umqeqeshi ofana noJohn Maduka, lokho kuzokhombisa ukuthi uzimisele kangakanani.

Simatasa sibheka umqeqeshi manje, sifuna umqeqeshi ozoqhubeka nokudlala ibhola elijwayelekike eqenjini. Umqeqeshi omusha weRoyal AM uzomenyezelwa ngomhlaka 28 Juni, sidinga umqeqeshi onesipiliyoni olaziyo ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho uMnisi.

UMnisi udalule ukuthi iqembu seliqalile ukukhomba abadlali yize engakatholakali umqeqeshi. Uveze ukuthi ukhulumile nemenenja kaDan Malesela.

“Abaphathi yibona abasayinisa abadlali kwiRoyal AM. Lokho kwenziwa yimi, u-Andile Mpisane noMaMkhize. Angeke silinde umqeqeshi omusha, siyeke ukukhomba abadlali abalungele ukudlalela iqembu.

UDan Dance ungomunye wabaqeqeshi abashaya umsebenzi oncomekayo eMzansi. Sikhulumile nemenenja yakhe, asikhulumanga naye uqobo.

Gada amazwi ami, umqeqeshi ozojoyina iRoyal AM uzophumelela nakanjani uma kusekhona mina eqenjini. Angigxambukeli emsebenzini kamqeqeshi,” kubeka uMnisi.