Umqeqeshi weMorocco U20 uMohamed Ouahb uhambe e-Egypt esadidekile ngokuthi bashaywe kanjani kowamanqamu we-U20 Africa Cup of Nations ngoba ‘badlale kangcono’ kuneSouth Africa U20 ngokubona kwakhe.

IMorocco iguqiswe ngegoli elivalelwe wuGomolemo Kekana eCairo Stadium ngeSonto ebusuku.

U-Ouhba, uthi akaqondi ukuthi badliwe kanjani kulo mdlalo.

“Angiqondi asiyiwinanga kanjani ifinal,” kusho yena ngemuva komdlalo.

“Besingenhla ngayo yonke indlela – ukuphatha ibhola, amathuba, izindawo ebesikuzo, ama-corner, konke. Kodwa siyishwebile indebe, angazi kanjani.

“Abafana bazinikele. Ibhola libuye libe nesihluku. Ufike uphathe umdlalo, bese kuyashintsha konke ngomzuzu owodwa. Linjalo ke kodwa ibhola.”

Ngemuva komdlalo kuvelile ukuthi iMorocco ibiphethe u-57% webhola futhi ifike phambili kakhulu kunoMzansi yavinywa wuFletcher Lowe obe wumdlali ovelele waphinde wathatha nendondo yokuba wunozinti ovelele kwi-U20 AFCON.

“Ngifuna ukubashayela ihlombe abadlali bami. Baphatheke kabi njengamanje kodwa bafunde okuningi. Sekumele sicabange ngeFIFA U20 World Cup eseChile. Sizofunda, siyimele kangcono iMorocco.