Umqeqeshi omusha weMarumo Gallants u-Abdeslam Ouaddou uthi akakungabazi nakancane ukuthi bazolivika izembe kwiBetway Premiership kule sizini.
U-Ouaddou, odabuka eMorocco, ubeke kanje ngemuva kokubuka abadlali bakhe beguqisa i-Orlando Pirates koweligi ngempelasonto edlule.
Lo mphumela ususe iGallants kunombolo 15 yahlala kunombolo 13 kwilog yeBetway Premiership. Ngemuva kwawo nokho, bathole isibhaxu sika 1-0 kwiStellenbosch FC ngoLwesibili ebusuku.
“Umdlalo ubungekho lula njengoba nibonile,” kusho u-Ouaddou engxoxweni nabezindaba ngemuva komdlalo.
“IPirates iyiqembu elikhulu elinabadlali abanekhono. Bangabadlali abaphambili abakwazi ukuvalela amagoli, wonke umdlali wayo uyakwazi ukukora. Ingozi ingaqhumuka noma ikuphi.#
“Bekunzima ukubanqanda.
Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi into yokuqala ayilungisayo kwiGallants ukuvuza kodonga lwasemuva obeselungenise amagoli awu-30.
“Umsebenzi wami wokuqala kube wukulungisa udonga lwasemuva. Ngibatshelile abadlali ukuthi nabo banekhono futhi banamava. Kodwa kwesinye isikhathi abadlali badinga ukuzethemba. Okunye ke esisebenze phezu kwakho lokho ezinsukwini ezimbili zokuqala. Ngiyanethimbisa 100% ngizolihlenga iqembu ezembeni.”