Umqeqeshi weCardiff City ebambane neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni wobungani izolo ntambama uphume emangele enkundleni ngendlela edlala ngayo.
ICity, edlala kwi-EFL Championship, ikore kuqala kulo mdlalo uJoel Colwill evalela elihle igoli ngomzuzu ka 47. ISundowns ingqongqoze kwaze kwayilungela uTashreeq Matthews ngomzuzu ka-78. Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weCity u-Erol Bulut uveze ukuthi umangazwe yisivinini seSundowns nomfutho wayo.
“Umfutho ubuphezulu futhi bedlala ngesivinini. Esiwombeni sesibili bengingakulindele ukuthi badlale ngendlela abadlale ngayo. Banesivinini esihle,” kusho uBulut.
“Asiwulungiselelanga kahle lo mdlalo. Mhlawumbe okusiphazamisile ukuthi uhambo lwethu lusaqhubeka. Bengilindele ukuthi sifake unyawo, sakhe namathuba phambili ukuze sishaye amanye amagoli…kodwa kwesinye isikhathi imidlalo ayihambi ngokufisa kwakho.”
Lo mqeqeshi uqhube wancoma abadlali beSundowns ngendlela abadlale ngayo kodwa wathi u 1-1 kube wumphumela ofanele.
Inkulumo yalo mqeqeshi ibeka ngokusobala ukuthi seziqalile ukwenziwa izinguquko kwibhola ebelidlaliswa wuRhulani Mokwena kwiSundowns. Kuzokhumbuleka ukuthi uRhulani ubethanda ukudlalisa ibhola elithi alifane nelikaPep Guardiola noRobert De Zerbi, lokugcina ibhola nokuqaqa udonga lwasemuva ngesineke.
Usomaqhinga weSundowns, uFlemming Berg ngonyaka odlule waveza ukuthi ufuna iSundowns idlale ibhola elisheshayo, elizonandisa enkundleni lijabulise abalandeli. UBerg ubona kungayisebenzeli iSundowns ukudlala ibhola le-possession, okuyinto afuna ukuyishintsha njengoba sekudedelwe uRhulani Mokwena.
ISundowns izobhekana ne-Al Arabi yaseQatar ngoLwesihlanu ngp-11 ekuseni.