Umqeqeshi weRichards Bay uPitso Dladla uthi usalinde ukuzwa kuSihlalo weqembu uJomo Biyela mayelana nezinhlelo zangesizini ka-2022/23, ikakhulukazi isikhundla sakhe sikamqeqeshi.

IRichards Bay inqobe iGladAfrica Championship ngeSonto, yanyukela kwiDSTV Premiership. Ishiye ngemuva iPretoria University elale isibili. IBay izojoyina omkhaya bayo esigabeni esiphezulu okuyiLamontville Golden Arrows, Maritzburg United, AmaZulu neRoyal AM.

Kuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubona abaqeqeshi abakhuphule amaqembu bephelelwa umsebenzi, kuqashwe abanye okuthiwa banamava.

UDladla uthi ulindele ukuzwa kuBiyela ngezinhlelo zeqembu.

“Akukho okuphathekayo engikwaziyo. USihlalo uyena ozothatha isinqumo esilungele iqembu. Kufanele kubhekwe iqembu kuqala. Kumele sinikeze uSihlalo isikhathi sokuthatha isinqumo ngoba kuyashisa kwiDSTV Premiership, izinga liphezulu kakhulu.

Ngizosamukela isinqumo asithathayo uSihlalo. Ngizomeseka uma eseqoka omunye umqeqeshi ngoba uzobe enesizathu sakhe. Ngizomeseka futhi uma enginikeza ithuba lokuqhubeka neqembu.

Ngiyaluthola usizo njengomqeqeshi weRichards Bay, yingakho singoshampeni beGladAfrica Championship. As inabo abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kodwa abaphathi bayasixhasa,” kubeka uDladla obekhuluma esiteshini Ukhozi FM ngoMsombuluko.

UDladla nethimba lakhe okukhona kulo uRonnie Gabriel, Sibusiso Msomi noVusumuzi Magagula, uthe isicoco seGladAfrica sizokhuthaza abaqeqeshi abancane abasafufusa.

“Ithimba labaqeqeshi belingenaso isipiliyoni, ngeminyaka yabadlali iphansi kakhulu. Bekubalulekile ukusebenzisana kwethu singabaqeqeshi abancane ukuze sizophumelela.

Ngikholwa ukuthi oSihlalo bamanye amaqembu bazokwazi ukunikeza abaqeqeshi abasafufusa ithuba. Besimele abaqeqeshi abasebancane, sakhombisa ukuthi nabo bayawadinga amathuba,” kusho uDladla.