Umqeqeshi we-University of Pretoria uTlisane Motaung uthi kumphathe kabi ukuhlulwa yiSwallows emdlalweni wokugcina kumaPlay-Offs, okuwumphumela obaphuthisele ngendawo kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

AmaTuks ayiqale ngegiya eliphezulu imidlalo yamaPlay-Offs eshaya iCape Town All Stars ngo 3-1 eKapa.

Konke bekuhamba ngohlelo kumaTuks sekuyiwa emdlalweni wokugcina. Leliqembu belihleli esicongweni ngamaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo emithathu, iSwallows ibilandela ngephuzu elilodwa endaweni yesibili.

AmaTuks abedinga iphuzu elilodwa kuphela emdlalweni wokugcina ukuze ezokhuphukela kwiPremiership kodwa ashaywe ngo 1-0 kulomdlalo.

UMotaung uchaze ngkuphoxeka kwakhe ngalomphumela. Uthi ukuhluleka ukunqoba emidlalweni emibili ebisekhaya yikhona okubalimazile. AmaTuks adlale ngokulingana neSwallows neCT All Stars eTuks Stadium.

“Ngiphoxekile kodwa besazi ukuthi kungenzeka noma yini kumaPlay-Offs. Besicabanga ukuthi umdlalo siwubambile, ikakhulukazi indlela esiqale ngayo.

Ukudlala ngokulingana emidlalweni emibili ekhaya kwasiphazamisa kakhulu, kwakufanele sinqobe noma owodwa umdlalo, siphoxekile kakhulu,” kusho uMotaung.

AmaPlay-offs adlalwa iqembu eliqede kunombolo 15 kwiligi, kanye namaqembu alale endaweni yesibili neyesithathu ngokuhlukana kwiGladAfrica Championship. UMotaung ukuthi ubona kanjani ngesinqumo sokuthi iqembu eliqede endaweni yesibili lidlale kumaPlay-Offs.

“Wonke amaqembu ayawazi umthetho wamaPlay-Offs, angiboni ngisendaweni efanele yokuphawula ngomthetho wePSL,” kubeka uMotaung.