Ikusasa likaHarry Kane kwiTottenham Hotspurs lilele kwimpumelelo angayizuza ngokuhlala, kusho u-Andre Villas-Boas owayengumqeqeshi weSpurs ngaphambilini.
UKane wayemataniswa neManchester City ekuqaleni kwesizini ka-2020/21 kodwa yabhuntsha leyondaba njengoba iCity yayingazimisele ukukhokha izindodla ezazifunwa iSpurs.
Yize eqale isizini ngegiya eliphansi, uKane ugcine evukile, washaya amagoli angu-16, wakhanda amanye amagoli angu-8 emidlalweni engu-24 kwiligi.
Ifomu yalomgadli iqale ukushintsha sekufike u-Antonio Conte ofake iSpurs kwi-UEFA Champions League njengoba siqede endaweni yesine kwiligi. Ngosuku lokugcina kwiPremier League, uKane ushaye igoli elilodwa beshaya iNorwich ngo 5-0, okuwumphumela oqinisekise indawo yabo kwiChampions League.
Namanje akucaci ngekusasa likaKane kodwa iCity isigcine imtholile umgadli omusha u-Erling Haaland emthenge kwiBorussia Dortmund.
UVillas-Boas owabamba izintambo kwiSpurs izinyanga ezingu-17, ubona uKane ezohlala kuleliqembu uma eyibona impumelelo eqondene naye. Uphinde wasola ukuthi lomdlali engahamba uma kuvela iqembu elizokhipha imali efunwa yiSpurs.
“Isinqumo silele kuyena mayelana nekusasa lakhe. Ngibona ezohlala uma ziphumelela izifiso zakhe kwiSpurs futhi eqhubeka nokuqopha umlando eqenjini.
Ngibona likhona ithuba lokuthi ahambe uma esafuna ukuyodlala eqenjini elisethubeni lokunqoba izindebe. Isinqumo silele kuye, Namaqembu amfunayo ayakwazi okufanele akwenze ukuze ezothola lomdlali. Ngimfisela okuhle kodwa.
Ungumuntu ozilungele, baningi abantu abekade bemungabaza. Usezibeke eqhulwini labadlali abahamba phambili emhlabeni. Ngiyathemba uzoqhubeka nokuzimisela,” kubeka uVillas-Boas ecashunwa abeStats Perform.