Yize umdlalo uzobuyisa izikhathi zakudala esaqala ukudlala kwiPremier Soccer League, isitobha seKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele usethembise ukungayizweli iSwallows eyamnikeza ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo.
UMphahlele waqala ukudlala ngo-2007 eneminyaka engu-17. Wayedlalela yona iSwallows. IziNyoni zizoshawa yizembe uma zihlulwa Amakhosi noma zidlala ngokulingana ngoMgqibelo. Kuzobheda kakhulu uma iBaroka inqoba kwiMaritzburg ngosuku olufanayo.
UMphahlele uthi uzimisele ngokuyifaka ehlathini iSwallows Ngob ebholeni akukho ukuzwelana.
“Ngiyazi kubuhlungu, umdlalo weSwallows ufana neminye. ISwallows inendawo ebalulekile enhliziyweni yami ngoba ngaqala kuyo iSwallows. Iminjunju ngezikhathi zakudala zibalulekile.
Ngifike kulesigaba ngoba iSwallows yanginikeza ithuba kodwa ngoMgqibelo ngizokubeka eceleni lokho, ngilwele iqembu lami. Kufanele basihlasele, bawasebenzele amaphuzu,” kusho uMphahlele ecashunwa abezindaba.
UMphahlele usola ukuthi izinkinga ezikhungethe iqembu yizona eziphazamise abadlali kulesizini. Sekuyindaba okuphuzwa ngayo itiye ukuthi iSwallows iyahluleka ukuholela abadlali nabasebenzi.
UMphahlele uncome umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr nesitayela skaje sebhola.
“Ngifundile ezindabeni ukuthi bayahluleka ukukhokhela abadlali, yingakho iqembu liphazamisekile. Abadlali akusizona izigqila, bayaphazamiseka uma kunezinkinga.
ISwallows iyiqembu elihle, iyagijima. Ophethwe umqeqeshi omuhle uDylan Kerr. Iqembu lakhe lidlala ibhola elihle. Angeke uKerr apake ibhasi, udlala ibhola,” kubeka uMphahlele.