USihlalo weMamelodi Sundowns uThlopie Motsepe uthi akumtatazelisi ukubona iqembu lithola isibhaxu emidlalweni emibili eyingxenye yekhempu yase-Austria.

ISundowns iqalwe yiSV Sandhausen ngesibhaxu, kwalandela ompetha base-Ukraine iDynamo Kiev ebahlule ngo 1-0 ngoLwesithathu. 

ISandhausen, edlala esigabeni sesithathu eGermany, yawina ngo 2-1 kulomdlalo owawusingathwe ngoLwesibili. 

Lemiphumela engagculisi ilandele ngemuva kokushiya kukaRulani Mokwena owabulala amaqembu aseNetherlands ngenduku ngesikhathi iDowns ikhempe ezweni lamaDutch ngonyaka odlule. IDowns iphekwa uManqoba Mngqithi noSteve Komphela okubukeka bethwele kanzima. 

UMotsepe uthi baqoke ukungcweka namaqembu aqinile ngoba bezilungiselela ukudlala kwiFIFA Club World Cup engonyaka ka-2025 e-USA.

“Iqembu limatasa nezinhlelo zokwakhela isizini ezoqala isisekelo. Sifuna ukwenza into yamehlo, siqophe umlando ongakaze ubonakale ngaphambilini. Kukhona inkulumo kaMuhammad Ali ethi kufanele ujime kanzima ngenhloso yokungathuswa ingcindezi. 

“Sibhekene namaqembu aqinile emidlalweni yokungcweka. Imiphumela esiyibonayo izosifundisa ngohlobo lwemidlalo esilindele kwiClub World Cup.

“Asikunakile ukuhlulwa kweqembu, sifuna ukubuya nezifundo ezizosiza uma sesiphakathi nesizini. Angitatazeliswa ukuhlulwa kweqembu.

“Ngifuna ukudlulisa umyalezo wokubonga abalandeli beMamelodi Sundowns ngokweseka iqembu ezikhathini zonke. Sizobadinga abalandeli uma sekuqala isizini entsha,” kusho uMotsepe.