USihlalo weMamelodi Sundowns uThlopane Motsepe Akafunanga ukuphendula kakhulu ngamahebezi akhomba uBongani Zungu noRonwen Williams eChloorkop.
UZungu noWilliams balokhu bekhonjwe kwiSundowns selokhu kuphele isizini kanti sekuvele nokuthi iDowns isibekele uZungu inkontileka etafuleni.
UZungu unenqwaba yamaqembu amfunayo njengoba esephelelwe yinkontileka kwi-Amiens SC eFrance. Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified, uZungu wathi iSundowns iyohlezi iyikhaya lakhe.
UWilliams wakubeka obala ukuthi angakujabulela ukujoyina iSundowns ngoba ilwela ukunqoba izicoco futhi idlala kwiCAF Champions League njalo ngonyaka.
“Okwamanje angeke sikhulume ngabadlali abangekho eqenjini. Kukhona abadlali esibazobasayina uma kuvulwa iwindi. Kungaba ukudelela ukukhuluma ngabanye abadlali abangasiyo ingxenye yeqembu,” kubeka uMotsepe obekhuluma nabezindaba esithangamini ebesihlelwe eChloorkop ngoLwesithathu.
UMotsepe uthi iSundowns isafuna ukunqoba iChampions League, bazolwa kakhulu ngesizini ka-2022/23.
“Kufanele siqine ukhakhayi, sifuna ukunqoba iCAF Champions League. Siphoxekile ngokukhishwa ngesizini ephelile kodwa kuningi esikufundile.
Kufanele siqale isizini ngegiya eliphezulu, siqale kahle ngokudlule sanqoba iMTN 8, lokho kunyuse ukuzethemba eqenjini. Sizojimela ukuqinisekisa ukuthi siyadlula esigabeni samaqoqo. Sizoqinisa kakhulu manje.
Ngizosebenzisana nabaqeqeshi noMqondisi wezemiDlalo. Kuyimanje sebeqalile ukubheka izindawo okufanele zilungiswe. Sinethemba elikhulu ngesizini ezayo,” kubeka uMotsepe.