Unozinti waMaZulu neBafana Bafana uVeli Mothwa uthi akayinaki imibiko yasezinkundleni zokuxhumana emkhomba kwizinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates.
Muva nje lo nozinti nabanye bakhonjwa kwiPirates, okuthiwa ithungatha unozinti omusha nakuba iphethe odlalela iGhana, uRichard Ofori.
“Angikunani okushiwo ezinkundleni zokuxhumana. Okushiwo ngami ngokushiya kuMaZulu kushiwo ezinkundleni zokuxhumana, mina nginaka izinto eziqondene nami. Ngizokhuluma ngalolo daba uma sekunezingxoxo kodwa okwamanje ngisadlalele AmaZulu, futhi angifuni ukusho okunye ngePirates.” kusho uMothwa ekhuluma nabeSoccer-Laduma.
“Kule sizini ezoqala ngifuna ukuthatha indondo kanozinti ovelele ngoba sengilale isibili kabili kulandelana. Ngifuna ukuyinqoba le ndodo, futhi ngifuna ukunqoba izicoco neqembu,” usho kanje.