Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr ucela abalandeli ukuba bangamxini ngezikhalo umqeqeshi uNasreddine Nabi ngoba usahlalelwe umqansa wokuhlomisa abadlali ngamaqhinga akhe kulesizini ezoqala.
IChiefs isibuyile eNingizimu Afrika kulandela ukuphothula amalungiselelo esizini ka-2024-25 abebanjelwe eTurkey. Amakhosi abuye engakaze eyithole induku emidlalweni emithathu e-Europe.
UMotaung Jnr uthi abalindele isimanga kulesizini, kunalokho uzonikezwa isikhathi sokubumba iqembu ngendlela yakhe.
“Sinenhlanhla enkulu ngokuba nethimba labaqeqeshi elisezingeni eliphezulu. Siyasiqonda isimo sethu, sekuphele amasizini angu-9 singakaze siphakamise indebe. Iqembu lizoqalwa kabusha kulesizini. Kuzoshintshwa izinto eziningi ngeqembu.
“Sicela babekezele abalandeli. Siyafuna ukuwina noma eyodwa indebe kulesizini. Siyiqembu elikhulu elinezifiso futhi siyakwazi okulindelwe abalandeli. Siyacela ukuthi bazame ukusibekezelela. Ithimba labaqeqeshi lizokhanda iqembu kabusha ngoba lifike namaqhinga ahlukile kulesizini,” kusho uMotaung ekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethula kwejezi elisha leqembu.
UMotaung Jnr ukholwa ukuthi uNabi uzomelana nengcindezi yabalandeli abalambele ukubona iqembu liqeda isomiso sezindebe.
“Umqeqeshi unesipiliyoni, usecije amaqembu adlala kumaligi ahlonishwayo e-Africa. Angeke athuswe yingcindezi,” kubeka uMotaung Jnr.
IChiefs izogqoka lelijezi elisha uma isitholana neYoung Africans SC emdlalweni weToyota Cup ozobanjelwa eFree State Stadium ngeSonto (3pm).
“IKappa isikhiphele omunye umswenko. Babonile ukuthi ijezi langesizini edlule lithengwe kakhulu. Ijezi elisha ligqamisa okuningi okubalulekile. Lihle kakhulu ijezi lethu,” kusho uMotaung.