Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ne-Al Ahly uPitso Mosimane usegcine ephawulile ngezinkulumo ezimkhomba kwesokuqeqesha i-Ilrando Pirates njengoba kuhamba uJose Riveiro ekupheleni kwesizini.

Abaphathi bePirates babhekene nomsebenzi onzima wokuqasha umqeqeshi omusha weqembu kulandela isinqumo sikaRiveiro sokungaqhubeki nomsebenzi omuhle awenza kweZimnyama.

UPitso sekunezinyanga ezihlalele ethungatha amathuba amasha imsebenzi kulandela ukuhlukana ne-Esteghlal FC yase-Iran ahambe esebanga imalo yomholo kuyo.

“Sengizibonile [izinkulumo], kodwa akekho osekhulume nami, sizobona,” kusho uMosimane ngokombiko weTimesLive.

UPitso uqhube wagcizelela ukuthi akanankinga nokuqeqesha eMzansi, uma ezothola iqembu elihambisana nasafisa ukukwenza ebholeni lakuleli.

IPirates isesimeni esihle uma kungathiwa uyangena kuyo uMosimane njengoba ikhombise ukuzinza kwiCAF Champions League kule sizini futhi obukeka izoqeda kunombolo 2 okusho ukuthi nangesizini ezayo izobuyela kulo mqhudelwano.

Ngaphandle kwebhola lase-Africa, uPitso unamava okunqoba isicoco seligi kuleli, okuyinto ayenze kwiSuperSport United nakwiMamelodi Sundowns.