Umdlali we-Orlando Pirates uGoodman Mosele ubona isitayela esifike nomqeqeshi omusha uJose Riveiro sizodlisela amaqembu ogageni kulesizini.
URiveiro umenyenzelwe njengomqeqeshi weBucs ngenyanga eyedlule, uMandla Ncikazi wehliselwa esikhundleni sokuba yisekela.
UMosele ubengasitholi isikimu kakhulu esafika eMayfair kodwa kuphele isizini eseyisethenjwa seqembu esiswini.
UMosele (22) oqede isizini ka-2021/22 enamagoli amathathu, ubona iqembu lizokwenza kangcono kulesizini.
“Okuhle kakhulu ukuthi silwela into eyodwa siyiqembu, umqeqeshi ufuna imiphumela futhi uthanda ibhola lokuhlasela. Ufuna sidlale ibhola elihle, siqale ukulikhanda emuva, simake ngokubambisana.
Uma ngibheke abadlali abakhona eqenjini, ngikholwa ukuthi abantu bazobona iPirates ehlukile kakhulu,” kubeka uMosele ekhuluma emcimbini wokwethula kwejezi elisha leqembu.
“Isizini yokuqala kwiPirates ibiyinhle kodwa bekunzima ekuqaleni ngoba ngidlale kwiBaroka kuphela. Bengingabazi abantu abaningi. Bengijwayele uCollins Makgaka kuphela ngesikhathi ngifika, kodwa ngijwayelile, ngagcina sengilithola ijezi,” kubeka uMosela.
IBucs izobhekana nomkhaya iSwallows FC emdlalweni wokuqala weDSTV Premiership ngomhlaka 6 ku-Agasti.