Imenenja kaThabang Monare ayifunanga ukuphawula kakhulu odabeni lwalomdlali odedelwe yi-Orlando Pirates ngemuva kokungavumelani neqembu ngenkontileka entsha ngoMsombuluko.

UMirko Agnelli ubebika izaba ebuzwa ngesinqumo seBucs sokuhoxa kwizingxoxo noMonare.

IPirates idalule ukuthi izingxoxo zenkontileka entsha phakathi kukaMonare neqembu azihambanga kahle kodwa ayinabanga ngodaba.

Iphephandaba iSowetan libika ukuthi izingxoxo zibhuntshe ngoba uMonare unqabile ukusayina inkontileka ebinomholo oncishisiwe.

Imithombi iveza ukuthi lomdlali unikezwe inkontileka yonyaka owodwa kodwa yancishiswa umholo, lokho akumjabulisanga uMonare.

“Ubeyinsika eqenjini, ubone sengathi bayamdelela uma bemnikeza inkontileka yonyaka owodwa kuncishiswe neholo lakhe. Yingakho enqabile ukusayina inkontileka entsha. Uzolithola maduze iqembu elisha ngenxa yesipiliyoni sakhe.

U-Agnelli uthe akukho angakukhuluma nabezindaba okwamanje.

UMonare (32) ujoyine iBucs eminyakeni emibili eyedlule esuka kwiBidvest Wits eseyahlakazeka. Wasayina inkontileka yeminyaka emibili ezophela kulenyanga.

Udlale imidlalo engu-24 kwiBucs kulesizini ephelile, wakhanda amagoli amabili.

IBucs isisayinise omunye umdlali wasesiswini uMiguel Timm owethulwe ngoMsombuluko.

UMonare ukhonjwa eThekwini njengoba egaqelwe AmaZulu neRoyal AM.