Umqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena uphakamise isandla wavuma amaphutha akhe nokuthi uThembinkosi Lorch akabanga nomdlalo omuhle emdlalweni ophele ngo 0-0 bebhekene ne-CODM Meknes ngoMgqibelo.

Lo mphumela uphazamise umgqigqo weWydad ebisinqobe imidlalo emine kuladelana, yakhuphukela kunombolo 2 kwiBotola Pro League. Ukulahla amaphuzu kusho ukuthi iWydad isiyalingana ngamaphuzu neqembu elikunombolo 3 iRCA Zemamra.

UMokwena uzisole yena ngokungawulungiseleli kahle umdlalo.

“Angiyithandanga indlela esidlale ngayo,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.

“Angikuthandanga ukuthi angenzanga okwanele ukulungiselela umdlalo. Angenzanga okwanele ngokwamaqhinga nangokwesimo somqondo sabadlali.

“IMekness iyiqembu elinzima ngoba linembazo. Ihamba phambili ngama-foul kwiBotola. Bayathanda ukuphazamisa umgqigqo womdlalo.

“Angenzanga okwanele njengomqeqeshi ngoba uma ubhuka nje siqale ngi-diamond esiswini, yangasebenzi, sayishintsha phakathi nesiwombe sokuqala.”

Ebuzwa ngabadlali abasha abasayiniswe ngoJanuary uMickael Malsa noThembinkosi Lorch uMokwena ukuvumile ukuthi abadlalanga kahle.

“Bangabadlali abahle. UMalsa udlala kahle, usazosisiza. Kumele sibe nesineke simeseke. NoLorch uwumdlali omuhle kakhulu, uzosisiza.

“Namhlanje abadlalanga kahle, kodwa ke akuyena uLorchg noMas kuphele abangadlalanga kahle. Nami ngiyazibala.”

Noma engayiqalanga kahle le sizini uRulani, kubukeka eseqala ukuzinza eMorocco. Uma eqeda isizini iWydad ikunombolo 2 uyobe ekwazile ukubuyisela leli qembu kwiCAF Champions League okungenye yemibandela okuthiwa uyibekelwe kule sizini.