UMqondisi wezemiDlalo kwiFC Twente yaseHolland uJan Streuer usedalule ukuthi iqembu lakhe seliqale izingxoxo noKamohelo Mokotjo.

UMokotjo ujika nelanga selokhu achithwa iFC Cincinnati edlala kwiMajor League Soccer e-United States. UMokotjo ulaxazwe kwiCincinatti esalimele.

Uqale ukubonakala kwiFC Twente, eyamvumela ukuthi azilolonge neqembu ukuze bezomhlolela ukuqala kwesizini ka-2022/23.

“Besilindele ukuthi uMokotjo alulame ngoMashi kodwa akwenzekanga kanjalo. Kufanele alulame akhombise ukuthi ungumqemane ngokwanele ukuze ezothola inkontileka.

Uyasazi isimo seqembu. Ungumdlali omuhle impela uma eluleme ngokugcwele. Isimo sinjalo. Sizobona izinhlelo esinaso uma eseluleme kahle. Ungumuntu esimbhekile siyiqembu,” kusho uStreuer ekhuluma nabe-1Twente Enschede.

UMokotjo uhlale iminyaka emithathu, wadlala imidlalo engu-103. Washaya amagoli amathathu, wakhanda angu-15. Udayiselwe iBrentford yaseNgilandi ngoJulayi wango-2017.