Umqeqeshi wePolokwane City uPhuti Mohafe uveze indlela ahlele ngayo ukumelana nobungozi beMamelodi Sundowns.
IRise and Shine inxaphise amaphanta amaningi iginqa iSundowns okokuqala eminyakeni emihlanu ngeSonto.
Lo mphumela ubeke iqembu likaMohafe kunombolo 4 kwi-log yeBetway Premiership.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi udalule amaqhinga akhe.
“Ngicabanga ukuthi senze umsebenzi oncomekayo sivala isikhala esiphakathi kwabadlali babo basemuva nabasesiswini,” kusho uMohafe ekhuluma nabeSuperSport TV.
“Ngikhuluma ngezikhala ezisetshenziswa wu-Allende noMatthews, ngokunjalo nezikhala ezitholwa wuMorena noTiwana emasayidini…sibavale kahle.
“Besibaphoqa ukuthi baye emasayidini, siqinisekise ukuthi uma umdlali osophondweni ethola ibhola simuvala manje.
“Besazi ukuthi ngeke simelane nabo ngokuphatha umdlalo. Siyiqembu eliqinile emuva, ngakho ke siqinisekisile ukuthi sivala kahle. Besichitha kwasani abebeyiphosa ebhokisini bese sihlasela nge-counter. Besiwasebenzisa nama-set piece, yikho sivalele igoli kweyodwa.