USihlalo weSwallows uDavid Mogashoa uthi bazokwenza izinguquko eziningi esikwatini seqembu njengoba sekuzolala isizini ka-2022/23.

IDube Birds izobhalisa abadlali abangu-25 kuphela ngesizini ezayo, kuzoncishiswa kakhulu njengoba iqembu belinabadlali abangu-40 ngesizini ephelile.

Kwayona isizini ephelile iphele sekumuncu iqembu liqeda kunombolo 15 layo Dlala kumaPlay-Offs.

ISwallows isidayisele iKaizer Chiefs uDillan Solomons, George Matlou noKamohelo Mahlatsi. URuzaigh Gamildien uzodayiselwa IRoyal AM.

UMogashoa ubekhuluma nentatheli yeSABC Sport uMazola Molefe.

“Besinabadlali abangu-40 ngesizini ephelile, sizonciphisa kusale abangu-25 kuphela abazolwela ibheji leqembu. Ukunciphisa isikwati kuzosiza kakhulu,” kusho uMogashoa.

UMogashoa uthi iqembu belihlele ukumemezela abaxhasi abasha ngesizini edlule kodwa izinto zabhuntsha ekugcineni. Lokho kumoshe izinhlelo zeSwallows, yagcine isintula kwezezimali.

“Inkinga yaqala ngesikhathi sithola ukuthi indaba yabaxhasi ayilungi. Sagcina bonke abadlali esasinabo, lokho kwasidalela izinkinga.

Umsebenzi ulula kakhulu manje ngoba sidayisele iChiefs abadlali abathathu, kukhona abadlali abane esibathole kwiSundowns, yibona abazozikhulumela ngekusasa labo,” kubeka uMogashoa.

UMogashoa uthi izinguquko zizomenyezelwa ngoJulayi. Abadlali abazodedelwa iSwallows uMonnapule Saleng no-Austin Muwowo okungabadlali ababolekwe kwi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini ka-2021/22.

UKeletso Makgalwa, Grant Magerman, Katlego Mohamme no Jody February bazobuyela kwiSundowns ababolekwe kuyo kodwa izinto zisengashintsha uma abadlali besafuna ukuhlala kwiDube Birds.

“Yize abanye abadlali benezinkontileka ezinde kwiSwallows, kunombandela wokuthi asikwazi ukubadedela ngaphandle kokukhuluma neSundowns. Kufanele sikhulume neSundowns kuqala.

Kukhona uKeletso, Jody, Katlego Mohamme noGrant Magerman osejoyine iSuperSport United. Umsebenzi uzoba lula kakhulu manje, nezinkontileka ziyaphela ngoJuni. Angeke sizivuselele izinkontileka uma singafuni,” kubeka uMogashoa.