Inkakha yeBanyana Banyana uPortia Modise usegonyuluke okokuqala ngezigameko zokucwaswa ngokwebala nobunzima bokuphila eDenmark lapho ayedlala khona ibhola.

UModise wahlala iminyaka emithathu neqembu laseDenmark iFortuna Hjorring. Uthi abadlali beqembu babefanisa I-Africa nesiqiwi, abanye bacela ukumthengela ithende ayezolala kulo engazibandakanyi neqembu.

Ekhuluma ohlelweni olungumdabuzekwayo iPodcast and Chill with MacG, uModise uzikhiphe zonke ezazenzeka esalihlikihla eDenmark.

“Uma bebona mina, babezibonela umuntu ohamba namabhubesi, aphinde athume izinkawu zimenzele imisebenzi. Babe cabanga lokho nge-Africa. Ngolunye usuku bangithengela i-microwave enkulu, bangibuza ukuthi ngiyayazi yini. Ngaphika ukuthi ngiyayazi, ngifuna bebone ukuthi ngiyabhayiza.

Baphendula bathi igama layo I-warmer. Ngababuza umsebenzi we-warmer nami, bangichazela. Ngolunye usuku bangithengela ipizza ebandayo, babuza ukuthi ngake ngayidla yini? Babezitshela ukuthi ngisuka esiqiwini. Nami ngangibatshela ukuthi izinga lenhlupheko liphezulu e-Afrika.

UModise uthi kwala ngisho esebachazela ozakwabo ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe yoMhlaba.

“Bangibuza ukuthi ngiyakwazi yini ukuhlala endlini nginethezeke, bacela ukungithengela ithende. Ngaqhubeka nokuzenza isilima. Ngabatshela ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe yoMhlaba kungekudala. Babuza ukuthi sizoyisingatha kanjani iNdebe yoMhlaba singenazo izindlu nama-warmer?” kubeka uModise.