UTeko Modise ubona isidingo sokuthi iMamelodi Sundowns ibuyele emakethe, iyotheza abadlali basemuva yize ingadedelanga amagoli amaningi kwiligi nakuCAF Champions League.

ISundowns iphoqelekile ukuba ishinshe izitobha sekuzophela isizini ngenxa yokulimala kwabadlali. IDowns iphoqeleke ukuthi isebenzise uRushine De Reuck, Mosa Lebusa, Grant Kekana, Brian Onyango noDivine Lunga emuva.

UModise uthi kufuneka ibhekisiswe lendawo uma kuvulwa iwindi. Njengoba sekusele umdlalo owodwa kugoqwe isizini, iSundowns isangenelwe amagoli angu-18, ilandelwa AmaZulu asededele amagoli angu-20.

“Kuyadingeka babuyele emakethe, iSundowns ibhekane nenkinga yezitobha kulesizini. Basintshe kakhulu emuva ngenxa yabadlali abalimalile. Kungcono esiswini ngoba kunabadlali abaningi kodwa indawo yasemuva iyakhalisa kakhulu.

Kuvele izinkinga sekudlalwa kwiCAF Champions League. Babe odlala kangcono emdlalweni weChampions League ukube kwakukhona a izethenjwa zasemuva ezimbili.

ISundowns ifuna ukunqoba, nginesiqinisekiso sokuthi bazofuna ukuqinisa emuva. Bakhishwa kwiChampions League ngoba bahluleka ukwenza kangcono, akusikho ukuthi abakwazanga ukudlala. Ngibona kufanele ukuthi baqinise emuva,” kusho uModise ekhuluma nabeSowetan.